
OWESILISA wase-Free State ugwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngecala lokudlwengula umakhelwane wakhe.
USechaba Mohapi (42) waseMasike ePhilendabla ngaseBloemfontein ugwetshwe yiNkantolo yamacala okuhlukumeza ngokocansi eBloemfontein.
Kubikwa ukuthi owesifazane (23) ophila impilo yokuthandana lobulili obufanayo wayelibangise esitolo ukuyothenga ubisi ngomhla ka-9 kuDecember 2022 ngesikhathi uMohapi ongumakhelwane wakhe embizela egcekeni lakwakhe ezenza ofuna ukumphathisa esitolo.
Ngokutsho kokhulumela iNPA uMojalefa Senokoatsane ngesikhathi isisulu singena egcekeni safike salinda ngasemnyango njengoba uMohapi wayesangene ngaphakathi ezenza umuntu oyolanda imali ngaphakathi endlini.
Uthi ngesikhathi sisamile ngaphandle isisulu uMohapi wambamba isandla wamdonsela ngaphakathi endlini emphoqa ngenkani wamdonsa wamphosa embhedeni.
“Wamsabisa ngengqamu nxa ememeza noma ehayiza, wabe esemhlukumeza egumbini lakhe lokulala.
Ngemva kokumhlukumeza walahlela izimpahla zesisulu ngaphandle kwendlu,” kutsho uSekoatsane.
Kubikwa phambilini isisulu sasike sambikela uMohapi ukuthi siphila yiphi impilo ngesikhathi esishela samchitha.
Umshushisi kuleli cala u-Azola Key utshele inkantolo akukho okungavezwa uMohapi okungaphikisana lokuthi agwetshwe iminyaka engu-15 kuyaphezulu ngesenzo sakhe.
Ubalule ukubaluleka kokuqiniswa isandla kubasolwa abambandakanyeka emacaleni alolu hlobo njengoba esephenduke isihlava kuleli.
Ummeli wamahhali kaMohapi uzamile ukumncengela ukuthi ashaywe ngoswazi oluncane njengoba eqala ukubhekana nengalo yomthetho.
Inkantolo imgixabeze ngeminyaka ewu-15 engaphakathi ejele futhi igama lakhe lishicilelwe emabhukwini anohlu lwabantu abangabanukubezi bocansi (National Register for Sex Offenders). —Ilanga